Bebevele ndawonye namuhla ebhokisini elilodwa abasolwa abasolwa ngobusoconga uDJ Warras.Lokhu bekuqala ngqa ukwenzeka ngoba bebelokhu bevela ngezinsuku ezingafani.Laba basolwa nguVictor Mthethowakhe Majola odabuka eSinquthu kanye noArmindo Joaquim Pacula onguMsinsi wokuzimelela kwelaseMozambique.UMajola usolwa ngokuba nguNgqondongqondo owacija itulo lokusoconga uMufi,kanti uPacula yena kuthiwa nguyena owashaya isibhamu.NgoMsombuloko uPacula wayevele eyedwa,ngalolo suku uMbuso waveza ukuthi uPacula uzolivuma leli cala,Ngalo lolo suku loMsombuluko uPacula wabuye wacela ukungabuyiselwa eJele laseSun City,wathi isizathu salokho wukuthi unenqwaba yezitha laphana.Icala labo lihlehliselwe umhla lulunye kuMbasa(1 April) ngoba kusahlaziywa imifanekiso yamaCCTV phecelezi amaVido.UPacula kulindeleke ukuba alivume leli cala.Kanti ngakolunye uhlangothi uMajola yena kuzwakala ngathi usalala ngomhlane namanje.AmaPhoyisa asaqhuba uphenyo ngasohlangothini lwakhe.
Khumu!