Uphindele kuNina ephila umfana waseBloemfontein uKamogelo Baukudi(19)owathunjwa mhlaka 5 Juni ngabantu abababili ababezenza amaPhoyisa.Lo mfana owenza ibanga lika11 eMartie du Plessis School wathunjwa ebuya eskoleni ngomhlaka 5 Juni.UMalume owayehamba naye wabikela amaPhoyisa ukuthi bathi besendleleni eya ekhaya ngalo lolu suku ngakuVerneeniginga Drive eBloemfontein bavinjwa imoto yohlobo lweToyota Hilux emhlophe eyayihamba ngabantu ababili ababefake imfaniswano yamaPhoyisa,bathatha leli bhungu uKamogelo bakhala bemuka nalo.AmaPhoyisa abe esephuma inqina yokucinga lomfana.Ezinsukwini ezimbalwa ezedlule kwaboshwa umsolwa wokuqala mayelana naleli cala,lo msolwa(42)uyiPhoyisa lomthetho lakwaSAPS.Lwaqhubeka uphenyo,okwalandela lapho kwaba wukuboshwa kwabanye abasolwa abathathu ababoshwa endlini eKanana Location bude buduze naseWepener esifundazweni saseFreestate.Kwathi ezintatha zanamuhla mhlaka 27 Juni kwaboshwa abasolwa ababili abatholakale behamba naso isisulu.Okusho ukuthi bayisithupha abantu ababoshelwe leli cala.Abanye balaba bantu bangabokufika kuleli.Okhulumela abakwaSidlodlo eFreestate uBrigadier Motanisi Makhele ubonge abomthetho ngomsebenzi wokuthungatha uKamogelo obe yimpumelelo.