Namuhla kuphela iminyaka engama120 kwalwa iMpi yaseMome

Nina beSilo namuhla kuphela iminyaka engama 120 kwalwa impi yaseMome eyayiphakathi kukaZulu namaNgisi, eyalwa mhlaka 10 June 1906.Le Mpi yalwa ngobushokobezi.Le Mpi iyingxenye yeMpi yaMakhanda(Impi ka Bhambatha) eyayiqale ngoNhlolanja(February)wawo u1906 iqalela eRichmond.Ngaleso sikhathi yayisabizwa ngeSidumo saseRichmond.Le Mpi yasuswa wukuthi amaNgisi ayekhiphe umyalelo owawuthi indoda nendoda kwaZulu kwakumele ikhokhe imali ewuPondo waseBhilithanda njengeNtela yokuthelela iKhanda.Zasukuma izinsizwa zathatha izikhali zabhekana nabacindezeli.Abantu ababa ngaBaholi bayo leMpiĀ  inkosi uBhambatha Zondi,inkosi uMehlokazulu yakithi eMaqungebeni okuyiyona lena esesithombeni,inkosi uSigananda yakithi eMachubeni,uChakijana Sithole,kanye noMangathi Ntuli. Abanye abantu abamba iqhaza inkosi uMeseni Gumede yakithi eMthandeni ,uMntwana uNdlovu wakithi kwaNodunga kanye nabanye.Inkosi yakithi eMaqungebeni inkosi uMehlokazula yasala eMome mhlaka 10 June okuyiNamhlanje,kwathi inkosi uBhambatha yona yaphulukundlela yabheka enyakatho.Nokho ngokomlando wamaNgisi athi ayibamba inkosi uBhambatha ayishumpula ikhanda.AbakwaZondi bakuphika lokho bathi lelo khanda kwakungelona nhlobo elenkosi yabo.Inkosi yakithi eMachubeni inkosi uSigananda yona yaboshwa ngamaNgisi,yagcina ikhothamele eJele laseNkandla.OMangathi noChakijana nabo baboshwa kodwa bagcina bededeliwe.Inkosi uMeseni noMntwana uNdlovu nabo baboshwa ,baze bakhululwa ngo 1909,uMntwana uNdlovu wabuyela esizweni sakhe kodwa ngasohlangothini lwenkosi uMeseni amaNgisi athi awafuni ibuyele esizweni sayo eMthandeni kwaMaphumulo,yagcina idingiselwe eXobho okuyilapho yakhothamela khona.NeSilo sakithi oSuthu iSilo uDinuzulu okuyisona esasibusa ngaleso sikhathi naso saboshwa sethweswa amacala okuvukela umbuso wamaNgisi.Sadingiselwa eMhluzi (Middleburg),lapho safike sakha khona umuzi wakithi wakwaThengisangaye okuthiwa umhlaba esakha kuwo sasiwuthengelwe umngane waso uBotha .Sagcina sikhothamele khona ngo1913.

Khumu!

 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *