IZimbabwe ifuna amaPunter akhokhe u10% wemali asuke eyiwinile.

UNgqongqoshe wezimali ezweni laseZimbabwe uMnu uMthuli Ncube uthi ama-Punter kufanele akhokhe u10% wemali asuke eyiwine ekugembuleni. Lokho ukusho ngesonto eledlule ePhalamende lakhona eZimbabwe. Ngokusho kukaMnu uNcube uthi ukudonswa kwalo 10% kuzoqala mhlaka zilunye kuMasingana ngonyaka ozayo.(1 Januwari 2025).  KwiVido yakhe  ephithizele kakhulu ezinkundleni zokuxhumana uNcube uthi iMboni yezokugembula ikhula ngesivinini esikhulu kanti nama-Punter nawo enza eningi imali ngayo kodwa leyo mali ayinayo intela (tax) . Izwe laseZimbabwe libhekene nobunzima kwezomnotho kanti noGesi walo nawo kuthiwa uhamba njalo futhi uhamba ama-hora amaningi. Kamuva nje kuke kwabonaka iVido lapho uGesi uhambe khona ngenkathi uMengameli waleliya zwe uMnu Mnangagwa esathula inkulumo, kwavele kwamnyama bhuqe iPhalamende lonke .

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *