Seligqabukile igoda phakathi koMculi wasePitoli uDr Malinga kanye noMdansi owaziwa ngelikaTsekeleke naye ongowokudabuka khona ePitoli. UTsekeleke uyinsizwa eyondlekile impela esabalele . Imbangela yokugqabuka kwegoda kube yimali, uTsekeleke ukhale ngokuthi akazitholi izimali zemidlalo abasuke beqashwe kuyona yena noMalinga . Okuyiyona nto esuse umsindo kube imali ewuR100 000 ephiwe uTsekeleke eyiphiwa uSomabhizinisi uMorgan Mohlala. Leyo mali ifikele ezandleni zikaMalinga obe eseyidlulisela uTsekeleke ngezikhawu. Kanti futhi akayidlulisanga iyimali kepha uthenge impahla yokwakha efana noSimende kanye nokunye ukuze kunwetshwe umuzi kaMama kaTselekele .Wabe uyithinte emsileni kuTsekeleke. UTsekeleke akakuthanda lokho . Ube eseshona ezinkundleni zokuxhumana wayoqopha iVido ekhala ngokuthi uMalinga umqola izimali zakhe asuke ezisebenzele kwiMidlalo. Naye uMalinga ube eseshona kuzona ezokuxhumana wayokhanda naye iVido echaza ukuthi ngeke esasebenzisana noTsekeleke . Laba babili bakhe basebenza ndawonye ngowe 2016 nakhona baqhathwa yizona izindaba zezimali bagcina behlukene. Uyakhumbuleka uTsekeleke kwiVido kaMalinga yango2016 , yengoma ethi “akulaleki uma unemali”. KwiVido yakhe uTsekeleke uveze nokuthi udinga umuntu azosebenzisana naye , wakubeka kwacaca ukuthi wenele ngoMalinga .Empeleni le nsizwa uTsekeleke iwuTsekeleke wesibili , uTsekeleke wokuqala usashona , wayegidela iqembu leKwaito iTrompies .
Ligqabukile igoda phakathi kukaDr Malinga noTsekeleke