UAkhonamathemba Mbele owaziwa kakhulu ngelikaSweet Guluva uzokwemukelwa ngeNdumezulu yomcimbi ngakubo kwelaseNquthu kulandela ukuhlabana kwakhe kwiBig Brother Mzansi Season 5.Umfoka Mbele(23) ukhale wemuka nesamba sikaR2million ngokudla kwakhe umhlanganiso kwiBig Brother Mzansi Season 5.USodolobha waseNquthu uMnu Zama Shabalala utshele iPhephandaba iDaily Sun ukuthi bayiziqhenya kakhulu ngoSweet Guluva futhi bayaziqhenya nangendawo yaseNquthu kwazise inothe kakhulu ngeZihlabane,uthe baningi oSaziwayo abaphuma kuleya ndawo yaseNquthu.Ube esebala uMgqumeni,uKelly Khumalo,uAlfred Ntombela wagcina ngokuthinta nokuthi ngisho nentaba iSandlwana lapho uZulu wehlula khona amaNgisi ngo1879 iseNquthu.Kuzokhumbuleka ukuthi noBaba uSosobala Mbatha wayengowakhona eNquthu.Lo mcimbi uzokwenzelwa eNkundleni yezemidlalo iNquthu Stadium mhlaka 5 kuMbasa(April).UShabalala utshele iDaily Sun ukuthi ngaphambi kokuba kuyiwe eNkundleni yezemidlalo kuzoba khona amaculi abahlukahlukane abazojabulisa abantu eDolobheni laseNquthu.UMshengu ubuye wathinta nokuthi uSweet Guluva uzotheleka ngenqola yamaHhashi eNkundleni yezemidlalo.
Ohlabane kwiBig Brother Mzansi uzokwemukelwa ngeNdumezulu yomcimbi ngakubo