Ukhihle esikaNandi uMapisa-Nqakula enkantolo

Uhluleke ukuzibamba uNosiviwe Mapisa-Nqakula wakhihla eseNdlovukazi yaseMkhindini ngenkathi kuqulwa icala lakhe le nkohlakalo namuhla enkantolo ephakeme iNyakatho Gauteng Court(North Gauteng High Court).UMapisa-Nqakula waboshwa ngoMbasa(Apreli)walonyaka,wadedelwa ngebheyili kaR50 000.Wethweswa icala lenkohlakalo lokwamukela imali yokugwazela engangoR2.3million eyamukela kuSomabhizini uNombasa Ntsondwa-Ndlhovu ngenkathi esewuNgqongqoshe.Icala lakhe lihlehliselwe umhlaka 21 Lwezi(Novemba)2025 kulandela ukukhihla kwakhe isililo phakathi enkantolo ngenkathi kuqulwa icala,wakhuluma ngesiLungu wathi “i can not take this anymore”.AmaLungu omndeni wakhe obekukhona kuwo nomyeni wakhe uCharles Nqakula abonakale kwiVido emzungeza,emqinisa idolo.UMmeli wakhe uAdvocate Cronje Kriel ube esemcelela kuMahluleli uPapi Mosopa ukuba kuhlehliswe leli cala ukuze uMapisa-Nqakula athole ithuba lokwehlela ngezansi,ukuze futhi naye uMmeli akwazi ukuqoqa kahle amaDokodo aleli cala kwazise bekuwusuku lwakhe lokuqala ukumela uNqakula kulandela ukuxoshwa koMmeli wangaphambilini uAdvocate Reg Willis.Ube esevuma-ke uMahluleli kodwa wakhala ngokuthi selihlehliswe kakhuliu leli cala.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *