Ukhala uyazithulisa owesifazane waseVaal kulandelwa ukuqolwa kwakhe imali ewuR100 000 yisoka lakhe ahlangana nalo kuFacebook kuMarket Place.Lo dade uthi wahlangana nale ndoda yaseUganda laphana kwiMarket Place,kuFacebook ngoNhlolanja(February)2025.Uthi uma elandisa lo dade uthi baqala ukuxoxa nale ndoda,kwahamba kwahamba bagcina beshintshane ngezinombolo zezincingo.Ngokuphazima kweso bagcina sebethandana,beba izithandani impela eziyiKhaphuli.Uthi le ndoda yakhombisa ukuzimesela impela kangangokuthi yaze yamethula kuBabekazi wayo ngokushesha okukhulu,yamethimbisa nomshado.Uthi le ndoda kanye naye lo Babekazi wayo bamuthatha baya naye esangomeni thizeni sakhona eUganda esihlala khona eVaal.Bathi uma befika kusona isangoma sabangenisa endumbeni emnyama ngaphakathi.Uthi lo dade ngenkathi bexoxa nalesi sangoma kwezwakala amazwi ayekhuluma ophahleni ethi lo dade unenhlanhla enkulu futhi unezimali anazo ezisavalekile adinga ukuzivula.Uthi sekusobala manje ukuthi lawo mazwi ayekhuluma kwakuyizinto zabo ababeziqophile.Uthi khona lapho endumbeni kwashunqiswa izikhumba zezilwane thizeni kwanuka phu.Uthi kwathi kusenjalo bamuvulela ibhokisi elaligcwele imali engamaLandi,bathi leyo mali kwakuwuR2million.Uthi lo dade kwathi ngenkathi esamangazwe yileyo mali eyayisebhokisini aphinda akhuluma amazwi ophahleni,athi leyo mali kungaba eyakhe uma eyifuna.Kodwa kudingeka aye eBhanga ayoboleka imali ewuR100 000 eyoba yisikhanyiso.Uthi lo dade laba abathathu babona ukuthi wayengayikholwa eyayikhulunywa ngamazwi ophahleni lwendumba,bazishisa kakhulu izinto zabo-ke manje.Uthi lapho-ke wawuzwa umqondo wakhe ukuthi usuyabaleka kancane.Kwathi uma sebephumile endumbeni isoka lakhe lathi kuye kumele akholwe kuyona yonke into ayizwile endumbeni.Ngempela wagcian eyile eBhanga lo dade wayokweboleka uR100 000.Uthi ngenkathi eya eBhanga wayehamba nesoka lakhe kanye noBabekazi walo nokho bona basala belinde ngaphandle.Uthi lo dade babelokhu befone njalo ngenkathi yena engaphakathi bebuza ukuthi zihamba kanjani izinto,Kangangokuthi noSisi oyiBank Teller wagcina emubuzile ukuthi ngabe konke kuhamba kahle yini.Washo lo Sisi osebenza eBhanga wathi”engawabiza amaPhoyisa uma kuwukuthi kukhona okungahambi kahle”.Uthi lo dade wathi cha angawabizi ngoba yonke into ihamba kahle.Wagcina eyitholile-ke imali wayinika iQola lesoka lakhe noBabezi walo naye oyiQola bakhala bemuka nayo.Manje lo dade ukhokha uR5 000 njalo ngenyanga ewukhokhela isikweletu sale mali ayinika isoka.Icala lavulwa emaPhoyiseni aseVanderbijlpark kodwa alukho usizo olutheni aluthola.Lo dade uthi manje umzimba wakhe ugcwele utwayi.Uthi useke waya esangomeni esamtshela ukuthi lolu twayi waluthola esokeni lakhe,luyisichitho esangena ngocansi.Uthi isoka lakhe lihamba litshela abantu ukuthi mncane kakhulu uR100 000 elamqola wona.
OwaseUganda ukhale wemuka noR100K wentombi yakhe