UBrown Mogotsi uthi useyilungu likaKhongolose

USomabhizinisi waseNorth West uBrown Mogotsi uthi useyilungu lenhlangano yeAnc ize uNobhala waleli qembu uFikile Mbalula ezwakele kwiVido ezinsukwini ezedlule ethi ubulungu bukaMogotsi kade bedlulelwa yisikhathi.Igama likaMogotsi lisematheni kulezi nsuku kulandela isithangami sangoNtulikazi(Julayi) sikaJenene wamaPhoyisa eKZN uJenene Nhlanhla Mkhwanazi lapho athi khona lo mlisa waseNorth West uwumngane kaNgqongqoshe wamaPhoyisa uSenzo Mchunu futhi uphethe ulwazi olubucayi futhi oluyimfihlo  okufanele ngabe luphethwe ngamaPhoyisa kuphela.Kanti ngesikhathi uMkhwanazi ekwiKhomishana kaMadlanga waveza ubufakazi bengxoxo kaWhatsapp lapho uMogotsi ayexoxa khona noMchunu kanye moVusi Kat Matlala oseJele oboshelwe icala lokuzama ukubulala owabe eyintombi yakhe.UMkhwanazi wabuye waveza nokuthi baningi abaholi abasephaketheni likaMatlala kuhlanganisa naye uMchunu.Engxoxweni yakhe nabakwaSabc uMogotsi uthe akulona iqiniso ukuthi akaselona ilungu likaKhongolose,uqhube wathi uMbalula usenga ezimithiyo.UMogotsi uthi ubulungu bakhe buzophelelwa yisikhathi ekupheleni kukaMfumfu(Oktober)futhi uMbalula akanawo amandla okungabuvuseleli.Abantu abanalawo mandla igatsha lakhe iNorth West Branch.UMogosti uthi ukulungele ukuyovela kwiKhomishana kaMadlanga ayogeza igama lakhe.

 

Khumu!

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *