Umdlali waseZimbabwe usesayine inkontileka yakhe yokuqala ne-Liverpool FC

U-Trey Nyoni ongumdlali wasesiswini abazali bakhe bengabokudabuka eZimbabwe ujoyine iLiverpool esuka kuLeicester City ngoMandulo wanyakenye (2023).

Lo mdlali osemncane oneminyaka eyiShumi nesikhombisa(17) wajoyina iqembu lezibomvu (Liverpool) labadlali abaneminyaka engaphansi kuka-19 elicijwa ngu Marc Bridge-Wilkins wafike wenza ezibukwayo kangokuthi wagcina esenguKapteni walo, wagcina futhi esebizwe eqenjini lesizwe laseNgilandi labadlali abaneminyaka engaphansi kuka 18.

UNyoni usayina inkontileka nje ubesanda kukhushulelwa eqenjeni lezibomvu labaneminyaka engaphansi kuka 21 elicijwa ngu Barry Lewtas.

UNyoni waba yingxenye yeqembu leLiverpool elahambela eSpain ngoNtulikazi (Julayi) ukuyodlala imidlalo yangaphambi kokuvulwa kweSizini(pre-season matches) futhi wafike wenza kahle kakhulu.

UNyoni ukhumbuleka kakhulu ngegoli lakhe elihle alishaya e-Anfield ngenkathi ezibomvu zibambene phezulu neSevilla yaseSpain emdlwalweni wobungane. Kanti ngasekuqaleni kwale nyanga ka Mfumfu uNyoni ubesebhentshini lezibomvu ngenkathi zidlala neBologna yase-Italy kuChampions League.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *