Inkantolo ephakeme yaseGoli isichithile isicelo sikaVusi “Cat”Matlala obhekene noxhaxha lwamacala okubulwa kuwo nelokuzama ukubulala owabe eyintombi yakhe uTebogo Thobejane owake wadlala kuMhuvango.UMatlala ubevele namuhla ngoMsombuluko enkantolo enkulu yaseGoli.Le nsizwa yakwaMatlala yake yazama ukufaka isicelo sebheyili enkantolo yaseAlexandra ngoMandulo wakulonyaka nakhona yachithwa.Ube esedlulsela udaba lwakhe enkantolo ephakeme yaseGoli,nakhona wachithwa.Igama likaMatlala lathintwa kakhulu nguKhomishana wamaPhoyisa akwaZulu Natal uJenene Nhlanhla Mkhwanazi esithangamini sakhe sangomhlaka 6 Ntulikazi(Julayi).Inkantolo izibekile izizathu zokunganikwa kukaMatlala ibheyili.Ezinye zayo kube wukuthi uyingozi koFakazi futhi unamaPassport amabili,eyaseNingizimu Afrika kanye neyaseSwazini.
Unqatshelwe ibheyili uMatlala