Izolo ngoLwethathu mhlaka 12 kuNdasa iNkantolo enkulu yaseMalawi igunyazwe ukuthi kubuyiswe izithandani uShephered Bushiri nowakwakhe uMarry Bushiri ukuze bezobhekana namacala abawabalekela kuleli.UBushiri ogama lakhe langempela lingu Chipiliro Gama unguMfundisi ebandleni lakhe i-The Enlightened Christian Gathering(ECG).Leli bandla lineGatsha elikhulu ePitori okuyilapho kuthiwa uBushiri wenza iningi lamacala akhe,ewenza kubazalwane.Amacala akhe abala elokuqola abantu izimali,ukwephula imithetho yeBheyili,ukuba kuleli ngokungemthetho,awokudlwengula kanye namanye.Amacala alezi zithandanani uma esewonke ayishumi nantathu(13).Ngo2020 umfoka Gama kanye nowakwakhe baboshwa beboshelwa wona lamacala,bagcina bethole iBheyili kanti bazobaleka beqe umngcele baphikelele kwelakubo.Kusukela ngawo unyaka ka2020 izwe laseNingizimu Afrika belilokhu libhalela iNkantolo enkulu yaseMalawi licela ukuba kubuyiswe eMzansi lezi zithandani zizobhekana namacala azo.Isicelo seNingizimu Afrika besilokhu sishaywa indiva kusukela ngawo u2020,size sagunyazwa izolo.Umfoka Gama izolo ubhale ku-Instagram wakhe wachaza lesi sinqumo sokubuyiswa kwakhe kuleli njengokunqoba kwakhe.Asazi-ke ukuthi ubekushiso yini lokho.Ukhokho kaBushiri uZulu Gama wayengenye yeziNduna ezinkulu zikaZwangendaba Jele.