Isangoma esidume kakhulu ezinkundleni zokuxhumana esaziwa ngelikaGogo Skhotheni simangaze abaningi ngenkathi simemezela ukuthi siyabuyeka ubungoma.Lesi sangoma ogama laso langempela linguTumi Motsoeneng asigcinanga ngokumemezela kuphela kepha siphinde sakhwela sadilika kwabalandela ubungoma sathi u99.9 percent wabo nje ayikho indaba yabo,abanalo ubizo.UGogo Sikhotheni uphinde waveza nokuthi oGobela bayakweza ukufaka ubungoma mbumbulu kumuntu,uthi banomuthi wabo abaphephethe ngawo abantu ukuze bangenwe yilobo bungoma mbumbulu.UGogo Sithotheni uphinde wachaza nangenkukhu wathi inkukhu ayidalelwa ukugeza amashwa noma izono kepha yadalelwa ukudliwa.Uthi uma ngabe ufuna ukugezwa izono kumele wamukele inkosi uJesu.Zonke lezi zinkulumo uGogo Sikhotheni uzisho kuTikTok kanye nakuFacebook wakhe.UGogo Sikhotheni uphinde waxwayisa abantu ngokuthi kumele baqaphele ngezinto abazilandelayo empilweni noma abakholelwa kuzo.Eminyakeni edlule uGogo Sikhotheni wake wamemezela ukuthi ufuna ukugana indoda yesibili abe nesithembu.Lesi sangoma uGogo Sikhotheni sigane kwaDlamanini.UGogo Sikhotheni uthi yena useyiNcekakazi yenkosi uJesu kodwa okubuye kwamangaza abaningi wukuthi namuhla uGogo Sikhotheni uphinde wafaka enye iVido yakhe kuFacebook ezithandele ngamaBhayi,kuleyo Vido ubechaza ngeSithunywa.Kuleyo Vido ubebonakala eseSigodlweni sakhe ekanye noThwasa bakhe.
UGogo Sikhotheni uthi gede indaba yeDlozi